Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 146:4 - IsiZulu 2020

4 Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe, ngalo lolo suku amacebo akhe ayaphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku ingqondo yakhe yaphela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 146:4
17 Referans Kwoze  

uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma kulabo asebekhulile, kodwa lokhu ngukuhlakanipha okungesikho okwalesi sikhathi noma okwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.


USimakade ushafisa icebo labezizwe, afojise amacebo ezizwe.


inqobo nje uma ngisaphefumula, nomoya kaNkulunkulu usesemakhaleni ami,


Izinsuku zami seziphelile, amasu ami asechithiwe, nezifiso zenhliziyo yami.


Amadodana akhe ayahlonishwa, engazi yena, ayehliswa, yena angakuboni lokho.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”


Bayekeni abantu abamphefumulo usemakhaleni abo, ngokuba bayini nje nempela?


Umuntu uyambuyisela othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.”


“Umoya wami wephukile, imihla yami iyaphela, sengibhekene negodi.


Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?


Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.


Kubo uthando nenzondo nomona sekuphelile, abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite