Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 146:3 - IsiZulu 2020

3 Ningathembeli ezikhulwini nasemadodaneni abantu, eningeke nathola lusizo kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ningathembeli ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 146:3
11 Referans Kwoze  

Bayekeni abantu abamphefumulo usemakhaleni abo, ngokuba bayini nje nempela?


Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.


u-Izaya wathi kuzo: “Niyosho enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uSimakade: “Ungawesabi amazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingethuke ngawo.


AbaseGibhithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, namahhashi abo ayizilwane, awasiwo umoya. Lapho uSimakade elula isandla sakhe, umsizi uyokhubeka, nosizwayo awe, babhubhe kanyekanye.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Sisize esitheni, ngokuba ukuhlenga kwabantu kuyize.


Kepha yathi: “Uma uSimakade engakusizi, mina ngingalutholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini?”


Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


“Ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla. “Isikhonkwane esasibethelwe endaweni eqinileyo siyobhoncuka, sikhishwe, siyowa kuthi nomthwalo obukuso unqunywe,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite