Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 146:10 - IsiZulu 2020

10 USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova uyabusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Haleluya!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 146:10
13 Referans Kwoze  

USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.


USimakade uyakubusa phakade naphakade.”


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. IJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayukudabula futhi kulo.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Khuphukela entabeni ephakemeyo, wena Ziyoni, ophethe izindaba ezinhle. Phakamisa izwi lakho ngamandla, Jerusalema ophethe izindaba ezinhle; liphakamise ungesabi, yisho emizini yakwaJuda, uthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


Jerusalema, mbabaze uSimakade, Ziyoni, mdumise uNkulunkulu wakho,


Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite