Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 145:20 - IsiZulu 2020

20 USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJehova uyabavikela bonke abamthandayo, kodwa bonke ababi uzakubabhubhisa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 145:20
14 Referans Kwoze  

kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.


Mthandeni uSimakade nina nonke abamethembayo. USimakade uyabalondoloza abathembekileyo, aziphindiselele kulowo ozidlayo.


Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.


Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Haleluya!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite