Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 145:13 - IsiZulu 2020

13 Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Umbuso wakho ungumbuso waphakade, nombuso wakho uzizukulwane ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 145:13
13 Referans Kwoze  

Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.


Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’


USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!


Wena Simakade, umi ingunaphakade, isihlalo sakho sobukhosi siyoba khona izizukulwane ngezizukulwane.


Kwathi nje izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwase kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukhadinezari, kukhulunyiwe kuwe kwathiwa: umbuso usukile kuwe;


Uyakhulula, asindise; wenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni. Yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite