Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 144:14 - IsiZulu 2020

14 Sengathi izinkomo zethu zingaba namathole amaningi. Makungabi bikho kufohla ogangeni, kungathunjwa muntu, futhi kungabi bikho ukukhala emigwaqweni yakithi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu, nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ukuze izinkabi zethu zibe namandla ekusebenzeni; ukuthi kungabikho ukungena nokuphuma; ukuthi akukho ukukhononda emigwaqweni yethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 144:14
16 Referans Kwoze  

“USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa.


Uma ngiphumela endle, ngibona ababulewe ngenkemba; nalapho ngingena emzini, kunezifo, nendlala, ngokuba umphrofethi nomphristi bahambele ezweni abangazi lutho ngalo.’ ”


“UJuda uyalila, amasango akhe awile, balilela izwe; ukukhala kweJerusalema kwenyukele phezulu.


Kunesililo emigwaqweni, kukhalelwa iwayini; yonke intokozo iphele nya, injabulo yezwe ixoshiwe.


Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.


Ngakho-ke abakwa-Israyeli babengenalutho ngenxa yabakwaMidiyani, base bekhala abantu bakwa-Israyeli kuSimakade, bacela usizo.


Ngokuba njalo lapho abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani nama-Amaleki nezinye izizwe zasempumalanga babekhuphuka, babahlasele.


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.


Ungayethemba yini, ngoba amandla ayo emakhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo na?


Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngijabule ngabantu bami, akuseyukuzwakala kulo izwi lokulila nezwi lokukhala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite