Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 142:7 - IsiZulu 2020

7 Umphefumulo wami ukhulule ejele, ukuze ngibonge iGama lakho. Abalungileyo bayongizungeza, ngoba uzongiphatha kahle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Khipha umphefumulo wami etilongweni ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khipha umphefumulo wami etilongweni, ngidumise igama lakho; abalungileyo bayongihaqa; ngoba uzangenzela umusa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 142:7
20 Referans Kwoze  

Simakade, ngiphilise ngenxa yegama lakho, ngokulunga kwakho uwukhiphe umphefumulo wami ekuhluphekeni.


Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.


Ngizohlabelela kuSimakade ngokuba ungenzele okuhle.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.


Ngezwi lami ngikhala kuSimakade, ngezwi lami nginxusa uSimakade.


Yenzele okuhle inceku yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho.


Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.


Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho.


Umphefumulo wami uyozincoma ngoSimakade, abathobekileyo mabezwe, bajabule.


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


Lapho izitha zami, zibuyela emuva, ziyabhamazela, zibhubhe phambi kwakho.


abaphindisela okuhle ngokubi, bengethwesa icala, ngokuba mina ngenza okulungileyo.


Ngihlenge ezitheni zami, Simakade, ngicashe kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite