Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 142:6 - IsiZulu 2020

6 Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lalela ukukhala kwami; ngokuba ngithotshisiwe kakhulu; ngikhulule kwabangizingelayo; ngoba banamandla kunami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 142:6
18 Referans Kwoze  

Mawungasibaleli amacala akuqala, umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.


USimakade uyamvikela ongenakuzisiza; lapho ngithotshisiwe, Yena wangisindisa.


owasikhumbula sinqotshwe yizitha zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.


Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo.


Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.


Izitha zami ziphilile, zinamandla, baningi abangizondela ize;


Wangisindisa ezitheni zami ezinamandla; bezinamandla kunami, kodwa Yena wangihlenga.


Simakade, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.


“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani? Ukuhubha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.


Isitha sizingela umphefumulo wami, impilo yami siyigandaya emhlabathini, singenze ngahlala ebumnyameni njengalabo abafa kudala.


Ngiyethemba ukuthi ngizobubona ubuhle bukaSimakade, ezweni labaphilayo!


Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite