Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 141:4 - IsiZulu 2020

4 Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ungayithambekisi inhliziyo yami kunoma yikuphi okubi, ukwenza izenzo ezimbi nabantu abenza okubi; futhi ungangivumeli ngidle izibiliboco zabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 141:4
21 Referans Kwoze  

ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile.


Simakade, kungani usidukisile ezindleleni zakho, uzenza lukhuni izinhliziyo zethu, zize zingakwesabi na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.


Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe ayala ngakho okhokho bethu.


Makungabi bikho muntu othi uma elingwa, athi: “Ngilingwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angelingwe ngokubi, naye luqobo kalingi muntu.


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.


Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje.


“Wathi: ‘Ngizophuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabo bonke abaphrofethi bakhe.’ “Wayesethi: ‘Uyakumyenga, futhi umehlule. Hamba wenze kanjalo.’


Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


Abamemela emadilini emihlatshelo yonkulunkulu bawo. Abakwa-Israyeli bafike badla, bakhothamela onkulunkulu bawo.


Wahamba wawalanda amazinyane, wawaletha kunina, unina wawapheka wenzela uyise isilovela esehla esiphundu, ayesikhonzile.


Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unganginika ingxenye yendlu yakho, angisoze ngaya lapho nawe, futhi angiyukudla sinkwa noma ngiphuze amanzi kule ndawo.


Ungangilahli kanye nezoni nabenzi bokubi, abathi becebela omakhelwane babo ububi ngezinhliziyo, babe bekhuluma kahle ngemilomo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite