Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 14:5 - IsiZulu 2020

5 Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Khona besaba nokwesaba, ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwaba khona ukwesaba okukhulu kubo, ngokuba uNkulunkulu usesizukulwaneni sabalungileyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 14:5
19 Referans Kwoze  

Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Uma bengithe ngizakukhuluma kanjalo, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.


Yilesi isizululwane salabo abamfunayo, labo abafuna ubuso bukaNkulunkulu kaJakobe. Sela


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyukuzanyazanyiswa, uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


Izizukulwane ziyomkhonza, kulandwe ngayo iNkosi isizukulwane ngesizukulwane.


Inkosi u-Ahasheveroshi yase ithi ku-Esteri noMoridekhayi, umJuda: “Bhekani, indlu kaHamani ngiyinike indlovukazi u-Esteri, uHamani walengiswa esiphanyekweni ngenxa yozungu alwakhela abaJuda,


Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite