Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 139:21 - IsiZulu 2020

21 Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na? Anginengwa yini ngabakuvukelayo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Anginabo yini abakuzondayo, Jehova? futhi angidabukile yini ngabakuvukelayo?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 139:21
12 Referans Kwoze  

Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.


Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.


ngiyayazi imisebenzi yakho, ukusebenza kanzima, nokubekezela kwakho, nokuthi awubabekezeleli ababi, nokuthi wabavivinya labo ababezibiza ngabaphostoli bebe bengesibo, wabafumana beqamba amanga.


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


Kepha okuhle ngawe yilokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikholawu, engiyizondayo nami.


Ngiyawuzonda umgwamanda wabenza okubi, futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite