Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 136:1 - IsiZulu 2020

1 Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 136:1
16 Referans Kwoze  

Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


UHemani noJeduthumi nabo bonke abaseleyo ababekhethiwe babizwa ngamagama ukuba bambonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade.


Eselulekene nabantu, wabeka abayakuhlabelela kuSimakade bevunule ngobungcwele, behamba phambi kwamabutho, bethi: “Bongani uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


Babemdumisa uSimakade, bembonga ngamaculo, becula bethi: “Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade ku-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka, bamemeza kakhulu ngentokozo, bedumisa uSimakade lapho bebona kubekwa isisekelo sendlu yakhe.


Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaSimakade iphezu kwendlu, bakhothama bathi mbo ngobuso emhlabathini, phezu kwendawo eyayigandayiwe, bakhuleka, bambonga uSimakade, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.


Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo.


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


Abaphristi nabaLevi bema ngokwezikhundla zabo, bephethe izinto ezishaywayo ezazenziwe nguDavide, inkosi, ukuba babonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesikhathi uDavide edumisa ngezandla zabo; abaphristi babeshaya amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wayemile.


Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, izenzo zakhe nizazise phakathi kwabantu.


Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade.


Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade, nokwethembeka kwakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite