Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 132:14 - IsiZulu 2020

14 “Nansi indawo yami yokuphumula kuze kube phakade, ngizohlala kuyo, ngokuba yiMina engiyithandile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade; lapha ngiyakuhlala khona, ngokuba ngiyifunile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lokhu kuyindawo yami yokuphumula kuze kube phakade; ngoba ngangifisa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 132:14
21 Referans Kwoze  

Sukuma, Simakade, uye endaweni yakho yokuphumula, Wena nomphongolo wamandla akho.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


USimakade makabongwe eZiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!


USimakade uyawathanda amasango eZiyoni kunayo yonke imizi kaJakobe.


Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni.


Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo oyakuhlala kuyo kuze kube phakade.”


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.


Ofunga ithempeli, ufunga lona nohleli kulo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi,


Angiyukubajezisela icala labo legazi engingabajeziselanga lona.” USimakade uhlala eZiyoni.


Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka, niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uSimakade uzohlala kuyo kuze kube phakade.


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


UDavide wathi: “USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli unikile abantu bakhe ukuphumula, uhleli eJerusalema, kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite