Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 132:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova wafunga kuDavide ngeqiniso; akayikuphenduka kukho; Esithelweni somzimba wakho ngiyakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 132:11
21 Referans Kwoze  

Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe.


USimakade akayukuguquka, ufunge wagomela wathi: “Wena ungumphrofethi kuze kube phakade ngokukaMelkhizedeki.”


Ngakho-ke lokhu engumphrofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi olibeni lokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi.


“Manje Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakukhuluma kuyo uthi: ‘Akuyukwesweleka muntu kuwe, phambi kwami, oyohlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli. Uma nje abozalo lwakho beqaphela indlela yabo, ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokhu wena uhambile phambi kwami.’


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


Yena uyakuba mkhulu, abizwe ngokuthi yiNdodana yoPhezukonke. INkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi, sikayise uDavide;


Bayakuma kuze kube phakade njengenyanga, ibe ngufakazi esibhakabhakeni.”


Ngafunga ubungcwele bami kwakanye, angiyukuwaqamba amanga kuDavide.


Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.


“Ngakho-ke Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, kufeze encekwini yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo wathi: ‘Akunakwenzeka ukuba kungabi bikho muntu phambi kwami ovela kuwe oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, kuphela nje uma abozalo lwakho beyoqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami, njengalokhu wena wenzile phambi kwami.’


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.


Ngaphezu kwalokho oyiNkazimulo ka-Israyeli akawaqambi amanga, ngokuba akasiye umuntu ukuba azisole.”


UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


“Yayisithi: ‘Makadunyiswe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ommisile namuhla ozohlala esihlalweni sami sobukhosi, ngisabona ngamehlo ami.’ ”


ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengoba ngenza kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akuseyukwesweleka umuntu ovela kuwe ukuba abe ngumbusi kwa-Israyeli.’


Simakade, izimangaliso zakho ziyodunyiswa ngamazulu, ukwethembeka kwakho, ebandleni labangcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite