Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 130:5 - IsiZulu 2020

5 Ngizolindela uSimakade, umphefumulo wami uzolinda, ngiyalethemba izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngimlindele uJehova, umphefumulo wami uyalinda, futhi ngiyathemba izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 130:5
17 Referans Kwoze  

Umphefumulo wethu ulindele uSimakade; uwusizo lwethu nesihlangu sethu.


Ngalokho uSimakade ulindele ukuba abe nomusa kini; ngalokho uyakuphakama abe nesihawu kini, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wobulungiswa; babusisiwe bonke abamlindelayo.


Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.


Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.


Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye.


Ngamlinda ngesineke uSimakade, wayesephendukela ngakimi, wakuzwa ukunxusa kwami.


Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngimlindele ngokwethemba.


Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho.


Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho.


Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho.


Khumbula izwi owalisho encekwini yakho, owangenza ngalo ngaba nethemba.


Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.


Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.


Kwakukhona umuntu eJerusalema, ogama lakhe kunguSimeyoni. Lo muntu wayelungile, futhi emesaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite