Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 130:4 - IsiZulu 2020

4 Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa kuwe kukhona ukuthethelelwa, ukuze wesatshwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 130:4
22 Referans Kwoze  

Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela, ngokuba simhlubukile,


Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


okukuyo sinokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono.


okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana.


“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,


Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKhristu uJesu.


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


Simakade, ngenxa yegama lakho ngithethelele isiphambeko sami, ngokuba sikhulu.


UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuSimakade.” UNathani wathi kuDavide: “USimakade usisusile isono sakho, awuyukufa.


Uma ubuyela kuSomandla, uyakusimamiswa, uma ususa ukungalungi ethendeni lakho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite