Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 130:1 - IsiZulu 2020

1 Ngikhala kuwe Simakade ngiphansi otweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ihubo.) Ekujuleni ngakhala kuwe, Jehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 130:1
22 Referans Kwoze  

Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.


Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami.


USimakade welule isandla sakhe esezulwini, wangixhakathisa, wangidonsa, engikhipha ezikhukhuleni ezesabekayo.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.


Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.


Ngesikhathi uSimakade ekhulula uZiyoni, sasifana nabaphuphayo.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


Uma uSimakade ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli.


Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaSimakade.”


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite