Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 128:2 - IsiZulu 2020

2 Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uzojabula, futhi uzophila.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 128:2
18 Referans Kwoze  

Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayukuphinde nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho, kube ngukudla kwazo. Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo,


“Siyakubusiswa isithelo sesibeletho sakho, nesomhlaba wakho, nesemfuyo yakho, kwande amankonyane ezinkomo zakho namazinyane ezimvu zakho.


USimakade uyakukwandisela okuhle: isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukukunika lona.


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe.


ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.


“Ukuncintisana ngemisedari ngabe kukwenza ube yinkosi yini na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ubulungiswa nokulunga, kwaba kuhle kuye na?


Ngalokho isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Niyabona-ke, izinceku zami ziyakudla, kodwa nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyokoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kodwa nina niyakujabha;


Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.


Uyotshala izivini, usebenze, kodwa awuyukuliphuza iwayini noma ubuthe isivuno sazo, ngokuba siyodliwa ngumswenya.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Umtshelekisi makakubambe konke anakho, abafokazi baphange izithelo zomsebenzi wakhe.


“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite