Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 126:1 - IsiZulu 2020

1 Ngesikhathi uSimakade ekhulula uZiyoni, sasifana nabaphuphayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ihubo.) Lapho uJehova eguqula isabelo saseSiyoni, sasinjengabaphuphayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 126:1
24 Referans Kwoze  

“Nawe Juda, ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.”


“Impela ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho sengiguqula ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,


Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe.


Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi lokhu okwenzekayo ngengelosi kuyiqiniso, kodwa wayecabanga ukuthi ubona umbono nje.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.


Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.


Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni, lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe; uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


Uma uSimakade ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli.


USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaSimakade.”


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na?


Kepha babengakholwa ngenxa yentokozo nokumangala, wathi kubo: “Ninakho yini ukudla lapha na?”


Uma bengimbizile wase engiphendula, angikholwa ukuthi ulilalele izwi lami.


Kepha lawo mazwi eyefana nembudane nje kubaphostoli, abawakholwanga neze.


Kwathi sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uMariya umbonile, abazange bakholwe.


khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.


Sengathi kungavela eZiyoni, lowo oyakusindisa u-Israyeli. Mhla uSimakade ephinda ebuyisa abantu bakhe ekuthunjweni, uJakobe makajabule, u-Israyeli athokoze.


Walisusa icala labantu bakho, wazisibekela zonke izono zabo. Sela


Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


bengiyakubalahla abozalo lukaJakobe nabolukaDavide, inceku yami, ngingathathi ozalweni lwakhe ababusi bozalo luka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabo futhi ngibahawukele.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite