Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 125:5 - IsiZulu 2020

5 kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Labo abaphambukela ezindleleni zabo eziyisigwegwe, uJehova uyakubahola kanye nabenzi bobubi, kepha ukuthula kube phezu kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 125:5
28 Referans Kwoze  

Indlela yokuthula abayazi, nobulungiswa abukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyizigwegwe, bonke abahamba ngazo abakwazi ukuthula.


abandlela zabo zigwegwile, nemikhondo yabo imazombezombe.


ubone abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Ubusisiswe umuntu owethemba uSimakade, ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo, nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga.


Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, nakuye u-Israyeli kaNkulunkulu.


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.


ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni,


abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.


Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye.


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.


Ngiyakukwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano saphakade; ngiyakubahlalisa bazinze, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Bonke abantwana bakho bayakufundiswa nguSimakade, kube nokuthula okukhulu kubantwana bakho.


Yebo, izintaba zingasuswa, namagquma azanyazanyiswe, kodwa umusa wami awuyukusuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyukususwa,” kusho uSimakade okuhawukelayo.


Umuntu ohlehlayo uyothola umvuzo wezindlela zakhe, kodwa olungileyo uvuna akutshalileyo.


Bakhulumela futhi, bakhuluma amagama ayiziswana, bonke abenzi bokubi bayazigabisa.


Ngisho izikhohlakali zingahluma njengotshani, nabo bonke abenza okubi baqhakaze, bayobhubha ingunaphakade.


Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.


Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.


Kepha Wena, Simakade, uphakeme kuze kube phakade.


kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.


Umuntu oweduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni labafileyo.


Uma ufika, uyifice ishaneliwe, futhi ilungiswe kahle;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite