Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 125:2 - IsiZulu 2020

2 Njengalokhu izintaba zizungeze iJerusalema, noSimakade ubazungeze kanjalo abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 125:2
8 Referans Kwoze  

‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


USimakade uyolondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho, kusukela manje kuze kube phakade.


USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo.


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Amakhosi omhlaba, nazo zonke izakhamuzi zawo, azikholwanga ngukuthi izitha nabamelene neJerusalema babengangena emasangweni alo.


Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Simakade, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” USimakade wawavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo zika-Elisha nxazonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite