Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 124:4 - IsiZulu 2020

4 Amanzi ngabe asesisibekele, kwadlula isikhukhula phezu komphefumulo wethu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 amanzi ngabe asewele phezu kwethu, kudlule isikhukhula phezu komphefumulo wethu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amanzi asibekela, umsinga wedlula umphefumulo wethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 124:4
17 Referans Kwoze  

Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi.


Izikhukhula mazingangisibekeli, utwa lungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli.


Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade, abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe, ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo, oqhutshwa ngumoya kaSimakade.


Ngibisha obhukwini lodaka, akukho ndawo yokubeka unyawo, ngingene otweni ngathi shi, imisinga iyangisibekela.


Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.


Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikutshengise ukwehlulelwa kwesifebe esikhulu esihleli phezu kwamanzi amaningi,


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


INkosi inalowo oqinileyo nonamandla, ngesandla sakhe uyogumbuqela umhlaba njengesivunguvungu esinesichotho, nesiphepho esichithayo, namanzi anamandla akhukhulayo.


Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.


Izintambo zokufa zangizungeza, izikhukhula zembubhiso zangikhungatha.


Uyokwembozwa ngubumnyama, ukuze ungaboni, nesikhukhula samanzi siyakukusibekela.


Izintambo zendawo yabafileyo zangibamba. Izihibe zokufa zangehlela.


Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe, ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Yelulela isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungihlenge emanzini amaningi, nasesandleni sabafokazi


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite