Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 123:4 - IsiZulu 2020

4 Umphefumulo wethu sewudinwe kakhulu ngukweyiswa kwabaziqhenyayo nokwedelela kwabazidlayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Umphefumulo wethu udiniwe kakhulu ngukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Umphefumulo wethu ugcwele ukwedelelwa kwabahlezi kahle, nokudelelwa kwabaziqhenyayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 123:4
16 Referans Kwoze  

Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.


Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.


Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”


Kuthi lapho sinyembenywa; thina siphendule kahle, sehlise umoya. Kuze kube namuhla, sithathwa njengezibi zomhlaba, nokungcola okuvela ezintweni zonke.


Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”


Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!


Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi; ukuziphakamisa kwakhe, ukuzithwala kwakhe, ukuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


“UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe, ephumule njengenzika yewayini; akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye; akayanga ekuthunjweni, ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo, nephunga lakhe aliguquki.


Thuthumelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo, khumulani nibe nqunu, nibophe izinkalo zenu.


Vukani nina besifazane abanethezekileyo, yizwani izwi lami, nibeke indlebe kwengikushoyo, nina madodakazi azethembayo.


Nami bengingakhuluma njengani, ukuba benisesikhundleni sami, bengingayihlanganisa inkulumo, ngimelane nani, ngininikinele ikhanda.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi ababakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.


U-Israyeli wayengesiyo yini inhlekisa kuwe na? Watholakala enamasela yini, njengoba uma ukhuluma ngaye unikina ikhanda.


UmFilisti wabuka, wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite