Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 123:3 - IsiZulu 2020

3 Sihawukele, Simakade, sihawukele, ngokuba sesikhathele wukwedelelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Sihawukele, Jehova sihawukele, ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Sihawukele, Jehova, sihawukele, ngokuba sidelelekile kakhulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 123:3
17 Referans Kwoze  

Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.


Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.”


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu ongukulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.


Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Lolu lusuku losizi, nolokusolwa nolokwedelelwa, ngokuba abantwana sebekulungele ukuzalwa, kodwa awekho amandla okubazala.


Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangenza umfokazi, sengingowezizwe emehlweni abo.


Makamnike isihlathi ommukulayo, asuthe inhlamba.


Ngakho-ke phrofetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi ezintabeni, emagqumeni, emifuleni nasezigodini: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngikhulume nginesikhwele nolaka oluvuthayo, ngokuba benithwele ihlazo labezizwe.


“ ‘ “Ngiyakwenza ukuba ungabe usazizwa izinhlamba zabezizwe. Awusayukulithwala ihlazo labantu, ungabe usasikhubekisa nesizwe sakini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite