Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 123:2 - IsiZulu 2020

2 Njengamehlo ezinceku, ebheke izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi, ebheke isandla senkosikazi yayo, kanjalo nathi amehlo ethu abheke kuSimakade uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo, kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bheka, njengalokho amehlo ezinceku ebuka isandla samakhosi azo, nanjengamehlo entombi esandleni senkosikazi yayo; ngalokho amehlo ethu abheke kuJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 123:2
14 Referans Kwoze  

Amehlo ami ahlala ethe njo kuSimakade, ngokuba nguye okhulula izinyawo zami ogibeni.


Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho.


UJesu wayesebalandisa umzekeliso, ebafundisa ukuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali.


Wayesethi kuJakobe: “Ngiyeke ngihambe ngokuba sekuyasa.” Wayiphendula wathi: “Anginakukudedela ungakangibusisi.”


Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”


AbaseGibheyoni bathumela kuJoshuwa enkanjini eGiligali, bathi: “Ungaziyekeleli izinceku zakho; woza kithi ngokushesha usisindise, usisize, ngokuba wonke amakhosi ama-Amori akhe kwelezintaba ayasihlanganyela.”


Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.


Ngakho-ke niqalekisiwe, abanye benu bayohlala beyizigqila, abathezi bezinkuni nabakhela indlu kaNkulunkulu wami amanzi.”


Amehlo abo bonke abakwa-Israyeli abheke wena, nkosi yami, nkosi, ukuze batshelwe nguwe ukuthi ngubani ozohlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, emva kwayo.


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite