Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 122:5 - IsiZulu 2020

5 Ngokuba izihlalo zokwehlulela zimiswe khona, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba kumisiwe khona izihlalo zokwahlulela, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngoba kukhona izihlalo zobukhosi ezimisiweyo zokwahlulela, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavida.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 122:5
6 Referans Kwoze  

“Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.


NaseJerusalema, uJehoshafathi wabeka abanye babaLevi nabaphristi, nezinye zezinhloko zoyise bakwa-Israyeli ukuze behlulele egameni likaSimakade, bathethe amacala. Babuyela eJerusalema.


URehobhowamu wabeka u-Abhiya, indodana kaMahakha, waba yinhloko nombusi phakathi kwabafowabo, kwazise wayehlose ukumbeka abe yinkosi.


uBhenaya, indodana kaJehoyada, engamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide engabaphristi.


“Kuyothi lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, azilobele ifuzela lalo mthetho, ethathisela emqulwini okubaphristi abangabaLevi.


Wakha indlu yesihlalo sobukhosi, lapho ayezokhiphela khona izahlulelo. Indlu yokwehlulela yayimbozwe ngemisedari, kusukela phansi kuze kushaye phezulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite