Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 121:5 - IsiZulu 2020

5 USimakade ungumvikeli wakho, uSimakade ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova unguMlindi wakho; uJehova uyisithunzi sakho ngakwesokunene sakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 121:5
8 Referans Kwoze  

Ngokuba ube yinqaba kwabampofu, inqaba kwabantulayo ekuxakekeni kwabo, umpheme esivunguvungwini nomthunzi ekushiseni, lapho umoya wabanonya unjengesivunguvungu ebusika,


Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,


Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


Emini uSimakade wayehamba phambi kwabo ngensika yefu ukubakhombisa indlela, kuthi ebusuku ahambe phambi kwabo ngensika yomlilo ukuze abakhanyisele, bahambe ubusuku nemini.


Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.


Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite