Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 120:1 - IsiZulu 2020

1 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 120:1
31 Referans Kwoze  

Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.


Osizini lwami ngakhuleka kuSimakade, uSimakade wangiphendula, wangihola endaweni ebanzi.


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Ngikhala kuwe Simakade ngiphansi otweni.


Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.


Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


Ekuhluphekeni kwabo bakhala kuSimakade, Yena wabakhulula ezinsizini zabo.


Bhekani, bongani uSimakade nina nonke zinceku zakhe, enimi endlini kaSimakade ebusuku.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Khumbula Simakade, ngenxa kaDavide, zonke izinhlupheko zakhe.


Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.


Uma uSimakade ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaSimakade.”


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na?


Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engikumemeza ngalo, usheshe ungiphendule.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.


Ngesikhathi uSimakade ekhulula uZiyoni, sasifana nabaphuphayo.


Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.


Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.”


Lo mntwana ngamkhulekela kuSimakade ukuba angiphe yena; uSimakade unginikile lokho engangikucele kuye;


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite