Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:97 - IsiZulu 2020

97 Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

97 Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

97 MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:97
14 Referans Kwoze  

kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade, azindle ngawo imini nobusuku.


Ngokuba ukuhlakanipha kuyongena enhliziyweni yakho, ukwazi kuthokozise umphefumulo wakho.


Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho.


Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.


Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo, futhi ngizozindla ngezimiso zakho.


Umphefumulo wami ugcina ubufakazi bakho; ngibuthanda kakhulu.


Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.


Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo.


Liyohlala kuye, alifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wakhe. Awagcine wonke amazwi omthetho kaSimakade, enze lezi zimiso,


Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.


Lowo ozazi yena ofuna intando yakhe; umelana nakho konke ukuhlakanipha okungqokolo.


Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho.


Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite