Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:9 - IsiZulu 2020

9 Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:9
29 Referans Kwoze  

Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.


Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi,


Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.


Nina senihlanzekile ngenxa yezwi engilikhulume kini.


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


Yizwani madodana ami, ukuyala kukayihlo, nilalelelisise, ukuze nazi ukuqonda.


Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda, ulwazi nokuqaphela kwabasha,


ngabona phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,


Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.


“Kwathi emva kwezinsukwana nje, indodana encane yaqoqa konke okungokwayo yahamba, yaya ezweni elikude, yafike yalisaphaza ifa layo, iphila ngendlela eyonakeleyo.


“Manje Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakukhuluma kuyo uthi: ‘Akuyukwesweleka muntu kuwe, phambi kwami, oyohlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli. Uma nje abozalo lwakho beqaphela indlela yabo, ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokhu wena uhambile phambi kwami.’


Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami, ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.


“Kuyothi lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, azilobele ifuzela lalo mthetho, ethathisela emqulwini okubaphristi abangabaLevi.


Angenzi njengabantu abaningi, ngokuba ngithobela izwi lakho, ngiyazigwema izindlela zezidlova.


Amasu ayakukuvikela, ukuqonda kukugcine.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite