Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:78 - IsiZulu 2020

78 Abazikhukhumezayo mabajabhe, ngokuba bangicindezela ngaphandle kwesizathu; nokho mina ngizozindla ngeziyalezo zakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

78 Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

78 Abazidlayo mabajabhe; ngokuba bangiphathe kabi ngeze, kepha ngiyakuqaphela imiyalo yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:78
18 Referans Kwoze  

Kunamvuzo muni ukubekezela lapho nishayelwa enikonileyo na? Kepha uma nibekezela lapho nihlushwa nibe nenze okuhle, lokho kuyancomeka kuNkulunkulu.


Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’


Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.


Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami; inceku yakho izindla ngezimiso zakho.


Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.


“Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo. Ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”


Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Bangizungeza ngamazwi enzondo, balwa nami kungekho sizathu.


Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Ngokuba bangakhele ugobe ngaphandle kwesizathu, bayimbele umgodi impilo yami ngaphandle kwesisusa.


kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade, azindle ngawo imini nobusuku.


UDavide wathi: “Inkosi yami iyihubhelani inceku yayo na? Ngenzeni na? Bubi buni lobu engibenzile na?


Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite