Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:73 - IsiZulu 2020

73 Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

73 Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

73 JOD. Izandla zakho zangenza, zangibumba; ngiphe ukuqonda, ukuze ngifunde imiyalo yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:73
17 Referans Kwoze  

USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.


Yena owangibumba esiswini, akusiye yini owabenza nabo na? Akamunye yini owasibumba esizalweni na?


Kucabangisise lokhu engikushoyo, ngokuba iNkosi iyakukunika ukuba uziqonde zonke lezi zinto.


Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.


Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha, banengqondo ehluzekile bonke abenza lokho. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Nokho kumuntu kukhona umoya, ukuphefumula kukaSomandla kunikeza ukuqonda.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Yazini ukuthi uSimakade unguNkulunkulu; nguYena osidalileyo, asizidalanga thina, singabantu bakhe, nezimvu zedlelo lakhe.


Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula yilabo abenza ukuthula.


Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho.


UHuramu wabuye wathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide, inkosi, indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nokuqonda, ezokwakhela uSimakade indlu nesigodlo sasebukhosini.


Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile.


Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho.


Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite