Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:59 - IsiZulu 2020

59 Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

59 Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

59 Ngazikhumbula izindlela zami, ngabuyisela izinyawo zami ebufakazini bakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:59
15 Referans Kwoze  

Zihloleni nina, nibone ukuthi nisekukholweni yini, zivivinyeni nina. Noma anazi yini ukuthi uJesu uKhristu ukini na? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.


Ngokuba ubonile, waphenduka eziphambekweni zakhe zonke azenzileyo, impela uyakuphila akayukufa.


Masibheke, sihlolisise izenzo zethu, sibuyele eNkosini.


funa kuthi ekufikeni kwami futhi, uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abebekade bonile, bengaphendukanga kulokho abakwenzileyo, ekungcoleni, ebufebeni, nasemanyaleni.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.


“Ngakho-ke ngiyakunehlulela nina ndlu ka-Israyeli, yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, kusho iNkosi uSimakade. Buyani, phendukani, eziphambekweni zenu zonke, ukuze ububi bungabi yisikhubekiso kini.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


Nalapho omubi ephenduka ebubini bakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, uyakuphila ngakho.


Lapho ekuzwa lokho, uMariya wathi lacu masinyane, waya kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite