Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:39 - IsiZulu 2020

39 Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Susa ihlazo lami engiyesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:39
19 Referans Kwoze  

ukhulume okuqotho okungasolekiyo, ukuze ahlazeke omelana nathi, angabi nalutho olubi angalusho ngathi.


Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.


Susa kimi inhlamba nokweyiswa, ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho.


ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Kepha siyazi ukuthi ukwehlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo.


Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.


Ngihlenge kuzo zonke izinhlupheko engikuzo. Ungangenzi inhlekisa yesiwula.


Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.


Ngivula umlomo wami, nginelukuluku, ngokuba ngiyayilangazelela imiyalo yakho.


Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.


Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.


Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho.


Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Simakade.


Umphefumulo wami waphukile, ngokuba ngihlala ngilangazelela izehlulelo zakho.


Ukwesaba uSimakade kungukuhlanzeka, kumi kuze kube phakade. Izehlulelo zikaSimakade ziliqiniso, zilungile zonke.


Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”


Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?


funa okuzwayo akuthele ngehlazo, ungabe usahlonishwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite