Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:36 - IsiZulu 2020

36 Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, hhayi ekuhaheni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:36
19 Referans Kwoze  

Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”


ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe ayala ngakho okhokho bethu.


futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.


Isikhohlakali siyazigabisa ngokufiswa yinhliziyo yaso. Abanomhobholo bayaqanganisa, bedelela uSimakade.


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe,


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe ngokungalungile inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma umhobholo, makungaphathwa neze phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite