Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:32 - IsiZulu 2020

32 Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakungivumela ukuba ngenze kanjalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngizohamba ngendlela yemiyalo yakho, uma uyenza banzi inhliziyo yami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:32
17 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kakhulu, nengqondo esabalele okwesihlabathi esisogwini lolwandle.


Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,


INkosi inguye uMoya, lapho kukhona khona uMoya weNkosi kunenkululeko.


Sikhuluma kini nina baseKhorinte, sikhululekile, inhliziyo yethu ivulekile kini,


niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Ngizohamba ngenkululeko, ngokuba ngifuna iziyalezo zakho.


Wandisile izinyathelo zami phansi kwami, namaqakala ami awabhinyikanga.


Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.


Nina ningabakhululekileyo, kodwa ningakwenzi ukukhululeka kwenu kube yisembozo sokubi, kepha ziphatheni njengezinceku zikaNkulunkulu.


Khona uyakukubona lokho, uchachambe yinjabulo; inhliziyo yakho igide, ithokoze, ngokuba ingcebo yasolwandle iyakulethwa kuwe, ingcebo yezizwe ize kuwe.


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ngidonse ngikulandele, sigijime. Inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyojabula, sithokoze ngawe; uthando lwakho siyolukhumbula ukwedlula iwayini. Abalungileyo bayakuthanda.


Wasuka wayokumba omunye umthombo; kulowo abambangisanga, ngakho-ke wawuqamba ngokuthi yiRehobhothi, ngokuba wathi: “Manje uSimakade usesinike indawo ebanzi, wasenza sanda ezweni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite