Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:14 - IsiZulu 2020

14 Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho kungathi ngethabela ingcebo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngiyathokoza ngendlela yobufakazi bakho njengengcebo yonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:14
12 Referans Kwoze  

“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.


Ngiyathokoza ngezwi lakho njengomuntu ejabulela impango eningi.


Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.


Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo.


Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami.


Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.


Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.


Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite