Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:137 - IsiZulu 2020

137 Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

137 Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

137 TZADDI. Ulungile wena Jehova, ziqotho izahlulelo zakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:137
15 Referans Kwoze  

Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Ngase ngizwa i-althare, lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziqinisile, futhi zilungile izehlulelo zakho.”


USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe.


USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa.


Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.


Nokho bewufanele ukusehlisela zonke lezo zinto; wenze okulungileyo, thina senza okubi.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


Pho siyakuthini na? Ukuthi kukhona ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite