Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:136 - IsiZulu 2020

136 Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

136 Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

136 Kugeleza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:136
11 Referans Kwoze  

Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi.


Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.


Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.


“Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite