Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:130 - IsiZulu 2020

130 Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

130 Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

130 Ukufakwa kwamazwi akho kuyakhanyisa; kunikeza ukuqonda kwabangenalwazi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:130
17 Referans Kwoze  

Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”


Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.


Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.


okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda, ulwazi nokuqaphela kwabasha,


Imiyalo kaSimakade ilungile, ingumthombo wokwethaba kwenhliziyo; umyalo kaSimakade uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite