Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:126 - IsiZulu 2020

126 Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

126 Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

126 Yisikhathi sakho, Jehova, sokuba usebenze, ngokuba umthetho wakho bawenzile ize.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:126
14 Referans Kwoze  

“ ‘Ningakusho kanjani ukuthi: “ ‘Sihlakaniphile, nomthetho kaSimakade ukithi na? “ ‘Impela, usiba lwababhali bamanga, luloba amanga.


Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.


akusadingeki ukuba ahloniphe uyise; kanjalo-ke nilenza libe yize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu.


Kodwa nina nichezukile endleleni, nakhubekisa abaningi ngemfundiso yenu; nasephula isivumelwano sikaLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Uma izindlalifa ziyizo ngenxa yomthetho, ukukholwa kwenziwa ize, nesithembiso asiselutho,


Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.


Vuka, Simakade! Ungavumi ukuqonelwa ngabantu. Izizwe mazehlulelwe phambi kwakho.


“Sengithule isikhathi eside; ngizibambile ngathula. Sengizokhala njengowesifazane ebeletha, ngihefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye.


Uzovuka, uhawukele iZiyoni, ngokuba sekuyisikhathi somusa wakho kulo, isikhathi esinqunyiweyo sesifikile.


“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


U-Abhrahama wabiza igama laleyo ndawo ngokuthi: “KukwaSimakade uyabonelela,” njengoba kushiwo nanamuhla kuthiwa: “Entabeni kaSimakade kuyabonelelwa.”


Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba; sekusele mina ngedwa, sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


Ngokuba izinceku zakho ziyathokoza ngamatshe alo, ziyadabuka ngothuli lwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite