Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:120 - IsiZulu 2020

120 Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

120 Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

120 Inyama yami iyathuthumela ngenxa yakho; futhi ngiyazesaba izahlulelo Zakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:120
20 Referans Kwoze  

Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


Yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela.”


Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


“Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nensali ka-Israyeli noJuda ngamazwi akule ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade ethululelwe phezu kwethu; okhokho bethu abazange baligcine izwi likaSimakade, benza njengalokho okulotshiwe kule ncwadi.”


Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.


ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade.


Abantu baseBhethi Shemeshi base bethi: “Ngubani ongama phambi kukaSimakade, uNkulunkulu ongcwele na? Uma umphongolo usuka lapha kithi uyakwenyukela kuphi na?”


Amadodana kaMushi: nguMaheli, u-Edere noJerimothi. Yilaba-ke ababengamadodana abaLevi ngezindlu zokhokho babo.


Kwathi lapho inkosi iwezwa amazwi ayesencwadini yomthetho, yaklebhula izingubo zayo.


Ngakho-ke ngiyamesaba nxa ngiphambi kwakhe, uma ngicabanga ngaye ngiba nengebhe ngaye.


Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.


Ulaka lwakho oluvuthayo lungehlele, ukwesabisa kwakho kungiqedile.


Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite