Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:118 - IsiZulu 2020

118 Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

118 Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

118 Ubanyathele phansi bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba inkohliso yabo ingamanga.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:118
19 Referans Kwoze  

Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho.


Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo,


Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.


ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho,


Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngenxa yokuthi niyalazi nokuthi akukho manga avela eqinisweni.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho noyedwa kubantu owayenami; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngolaka lwami, negazi labo lachaphazela izingubo zami, ngazingcolisa zonke izembatho zami.


Udla umlotha, inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakuwusindisa umphefumulo wakhe, nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”


Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.


Iminyaka engamashumi amane, nganengwa yileso sizukulwane, ngaze, ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abangazazanga izindlela zami.”


Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa, baphambuka njengomnsalo ogejile.


Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, laqeda amastadiyu ayi-1 600.


Kunokukhohlisa ezinhliziyweni zabaceba okubi, kepha ukuthula nenjabulo kukubaluleki beqiniso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite