Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:106 - IsiZulu 2020

106 Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

106 Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

106 Ngifungile, ngizakugcwalisa, ukuthi ngizagcina izahlulelo zakho ezilungileyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:106
12 Referans Kwoze  

bahlanganyela nabafowabo nezikhulu zabo, benza isifungo esimbaxambili, sokuthi bazohamba ngomthetho kaNkulunkulu awunika uMose, inceku yakhe, nokuthi bazoyigcina yonke imiyalelo kaSimakade iNkosi yabo, nayo yonke imithetho nezimiso zakhe; uma besephula leso sifungo, siyophenduka isiqalekiso.


Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.


lokhu akubanga njengokuba sasilindele, kodwa azinikela wona kuqala eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu,


Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade ukuthi izomlandela, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, nokuthi iyogcina wonke amazwi alesi sivumelwano esibhalwe kule ncwadi. Bonke abantu basamukela isivumelwano.


Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


“Nizwile futhi, kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’


Abantu baphendula bathi: “Makube kude nathi ukushiya uSimakade sikhonze abanye onkulunkulu,


Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade, sokuthi izomlandela uSimakade, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, futhi iyakuwagcina amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


“Asiyukubaganisela abezizwe amadodakazi ethu, futhi ngeke siwathathele amadodana ethu abafazi kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite