Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:104 - IsiZulu 2020

104 Ngeziyalezo zakho ngizuza ukuqonda, ngalokho-ke ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

104 Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

104 Ngemiyalo yakho ngiyazuza ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zenkohliso.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:104
15 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.


Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.


Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle.


Ngiqonda ukwedlula izingwevu, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.


Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.


“Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona.


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


Ulele ecansini, uceba ububi, uzimisele ngendlela engalungile, akakwenyanyi okubi.


Akusibo abadala abahlakaniphileyo, nabaqonda okulungile.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite