Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:10 - IsiZulu 2020

10 Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:10
25 Referans Kwoze  

Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo,


Uvuselela umphefumulo wami. Ungiholela ezindleleni zokulunga, ngenxa yeGama lakhe.


Wonke uJuda wathokoza ngesifungo ababesenzile, ngokuba babefungile ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngentando yabo yonke, bamfumana. USimakade wabanika ukuthula nxazonke.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.


Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo.


Umuntu oweduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni labafileyo.


Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize.


Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu, ngokwemvelo, kungabi ngokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa ngenhliziyo eqotho, nesabe iNkosi.


Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.


abadela izindlela zobuqotho, bahambe ebumnyameni.


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Inhliziyo yabo yayingabambelele kuye, bengathembekile esivumelwanei sakhe.


Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.


USamuweli wathi kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli: “Uma nibuyela kuSimakade ngenhliziyo yenu yonke, susani phakathi kwenu onkulunkulu babezizwe no-Ashitharothi, nibhekise izinhliziyo zenu kuSimakade, nikhonze Yena yedwa; uzonihlenga esandleni samaFilisti.”


Ningalithandi izwe nezinto ezikulo. Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise.


“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.


Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.


Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.


Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho.


Izimvu zami bezizulazula kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma aphakemeyo. Yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwaba bikho ozifunayo nozicingayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite