Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:1 - IsiZulu 2020

1 Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 I-ALEPH. Ubusisiwe osendleleni engenabala, ohamba emthethweni kaJehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:1
27 Referans Kwoze  

Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


ukuze bahambe ngokwezimiso zami, bagcine izehlulelo zami, bazenze. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo.


Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.


Abanezinhliziyo eziphambeneyo bayisinengiso kuSimakade, kodwa abahamba ngezindlela ezimsulwa bayintokozo kuye.


Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuze bahlale nami, ohamba endleleni engenacala, uyakungikhonza.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”


USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.”


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iqotho, kodwa inkohlakalo iyasibhubhisa isoni.


Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.


Lapho kungekho mbono khona, abantu baba wumhlambi kazalusile, kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite