Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 118:27 - IsiZulu 2020

27 USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UNkulunkulu unguJehova owenza ukuba sibone ukukhanya; bopha umnikelo ngezintambo ezimpondweni ze-altare.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 118:27
17 Referans Kwoze  

Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kufikile; nenkazimulo kaSimakade iphumele phezu kwakho.


Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela.


KumaJuda kwakunokukhanya, nenjabulo, nentokozo, nokuhlonipheka.


Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini.


Abantu bonke bakubona lokho bawa ngobuso, bathi: “USimakade nguye onguNkulunkulu; uSimakade nguye onguNkulunkulu.”


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.


Wenza izimpondo emakhoneni alo omane, izimpondo zazenzelwe kulo; wazemboza ngethusi.


Uyokwenza izimpondo zalo emakhoneni omane alo, izimpondo zalo zibe yinto eyodwa ne-althare, ulicake ngethusi.


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


Ngakusasa bamhlabela uSimakade imihlatshelo, banikela ngeminikelo yokushiswa kuSimakade: izinkunzi eziyinkulungwane, izinqama eziyinkulungwane, amawundlu ayinkulungwane neminikelo yakho yokuphuzwayo, nemihlatshelo eminingi evela ku-Israyeli wonke.


Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite