Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 116:6 - IsiZulu 2020

6 USimakade uyamvikela ongenakuzisiza; lapho ngithotshisiwe, Yena wangisindisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova uyalondoloza ongenabuqili; ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova uyalondoloza abangenalwazi; ngathotshiswa, wangisiza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 116:6
11 Referans Kwoze  

Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami.


Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.


Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


Mawungasibaleli amacala akuqala, umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngethembele kuwe.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.


Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu, ngokwemvelo, kungabi ngokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa ngenhliziyo eqotho, nesabe iNkosi.


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Ngokuba njengoba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke, ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kodwa ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.


Kaningi wabahlenga, kodwa bahlubuka ngezinhloso zabo, baqunjwa phansi yiziphambeko zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite