Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 116:1 - IsiZulu 2020

1 Ngiyamthanda uSimakade, ngokuba uyalizwa izwi lokukhuleka kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngiyamthanda uJehova, ngokuba ulizwile izwi lami nokunxusa kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 116:1
20 Referans Kwoze  

Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala.


Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.


Ukuyithanda ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”


Ngokuba uSimakade uyabezwa abentulayo, akabadeleli abakhe ababoshiweyo.


Ngamlinda ngesineke uSimakade, wayesephendukela ngakimi, wakuzwa ukunxusa kwami.


Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho.


UJakobe wathi emndenini wakhe nakubo bonke ayenabo: “Lahlani bonke onkulunkulu bezizwe eninabo, nizihlambulule, bese nigqoka izingubo ezihlanzekileyo.


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Wathi: “Nkosi, ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi lapha phambi kwakho, ekhuleka kuSimakade.


USimakade walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela kuye amaKhanani, bawaqothula nemizi yawo; igama laleyo ndawo kwathiwa yiHorma.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Makabongwe uSimakade, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.


Ngingathini na? Phela ukhulumile kimi, futhi ukwenzile yena. Ngiphelelwe ngubuthongo ngenxa yomunyu emphefumulweni wami.


Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”


Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite